August 05, 2022

Insephe yeRoyal AM ikulungele ukubhekana naMakhosi

UMDLALI weRoyal AM, owayekade ewa evuka namaqembu ePremier Soccer League (PSL), u-Elias Pelembe Domingues, uthi bafuna ukuqhubeka nokuthatha amaphuzu kwiKaizer Chiefs abazovula nayo kweyeDStv Premiership kusasa.

La maqembu azotholana phezulu eChatsworth Stadium, eThekwini, ngo-5.30 ntambama.

Ngesizini edlule iThwihli Thwahla yaba sematheni ngesikhathi iqumba phansi Amakhosi ngo-4-1 eFNB Stadium, yaphinde yamuka nawo wonke amaphuzu sebebhekene …

Sport News