November 24, 2021

Amaphutha ka-Onyango ayenzele phansi i’Downs idedela amaphuzu

Mamelodi Sundowns (1) 2

SuperSport United (0) 2

USWELE umgodi wokucasha unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ngesikhathi enza amaphutha amabili abuyise iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu eLoftus Versfeld, ePitoli.

ISundowns okuze kube yimanje induku ayiyazi emidlalweni yeligi, iqale umdlalo ifuna ukubuyisela kujantshi umgqigqo wayo kulandela ukubambana neCape Town City ngo 0-0 kodlule.

Ompetha beligi bavu…

Sport News